Kushone abangu-8 kushayisana itekisi neveni

2018-04-11 14:01

Johannesburg - Kushone abantu abangu-8 engozini yeveni netekisi phakathi kwaseDerby naseVentersdorp ngoLwesibili ebusuku.

Kulesi sibalo bahlanu abashe bangqongqa ngesikhathi kushayisana lezi zimoto.

Ngokusho kweziphathimandla endaweni yesigameko, zombili izimoto zigqamuke ilangabi kulandela ingozi.

Abantu abangu-7 bashone ujuwu endaweni yesigameko, kwathi abangu-5 basha bangqongqa.

OLUNYE UDABA:Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu

Kuphuthunyiswe esibhedlela abantu ababili kodwa ngeshwa oyedwa wabo kwamenela efika esibhedlela. Owesibili usasesimeni esikahle.

Iveni belisuka eVentersdorp libheke eDrby nabantu ababili phakathi, itekisi ebelithwele abantu abangu-7 kubalwa nomshayeli beliphambana neveni.

Kubikwa ukuthi itekisi elaseMarikana kanti belilibangise eMatatiele e-Eastern Cape.

UNgqongqoshe wezokuThutha eNorth West, Mpho Motlhabane, udlulise amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe kule ngozi.

Imbangela yesigameko ibingakaziwa, kodwa, kuvulwe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.