Kushone abantu abane i-ambulensi ingqubuzana nemoto

2017-09-30 11:33

Port Elizabeth – Kushone abantu abane kwalimala kabi abathathu kungqubuzana i-ambulensi kanye nemoto encane ku-R72 ngaseTsholomnqa, phakathi kwase-East London nasePort Alfred, ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha uKhuselwa Rantjie uthe iToyota Quantum Dynamics Ambulance, ebinabantu ababili phakathi, ibisuka e-East London ilibhekise ePort Alfred ngesikhathi ingqubuzana nemoto yohlobo lweSuzuki, ebinabantu abahlanu phakathi, bephuma ePort Alfred.

“Kukholakala ukuthi i-ambulensi iphaphalaze ngesikhathi izama ukuvika imfuyo emgwaqeni,” esho.

OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abayishumi elokishini lodumo lokubulalana

Abantu abane ebebesemotweni encane, okubalwa kubona nomshayeli, bashonele endaweni yesigameko, omunye obephakathi walimala kabi.

“Umshayeli we-ambulensi ulimale kabi kanti ubevaleleke emotweni. Umsizi wakhe yena ulimale kancane,” esho.

I-ambulensi ibingathwele siguli ngesikhathi sengozi.

Amaphoyisa aseChalumna avule icala lokubulala ngokungenhloso.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.