Kushone abantu abane, kwalimala 15 kweyetekisi nemoto encane

2017-09-26 12:31

Johannesburg - Kushone abantu abane kwalimala abangu-15 ngesikhathi kushayisana imoto encane kanye netekisi ku-R544 ngaseVerena eMpumalanga.

Abantu ababili batholakale beshonile phakathi emotweni encane kanti abanye ababili bebesetekisini.

Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak uthi kusaphenywa ngembangela yengozi njengoba ingaziwa okwamanje.

"Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko, bathole imoto ilimale kwasaphazela izicucu zayo emgwaqeni. Ngeshwa abosizo lokuqala bekungekho ebebesangakwenza ngabantu abane ababandakanyeke engozini, okuqinisekiswe khona lapho ukuthi bashonile.

OLUNYE UDABA: Angu-7 amaphoyisa kamasipala anomlando wobugebengu

“Abantu abangu-15 ebebesetekisini bathole imihuzuko engatheni. Iningi labantu abalimele belivaleleke ngaphakathi etekisi kodwa bashishwa ngabatakuli basendaweni.”

UVermaak uphinde wathi: "Kuthe uma sebekhishiwe, abosizo lokuqala bakwazi ukubahlola, baphinde belapha abalimele. Ngokuhamba kwesikhathi ayiswe ezibhedlela eziseduzane ukuze bathole ukwelashwa okunzulu.

“Imbangela ngengozi ayikaziwa okwamanje. Iziphathimandla zendawo zisendaweni yesigameko, zizokwenza uphenyo.”

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.