Kushone abantu abangu-14 ibhasi liphonseka emfuleni

2017-08-26 08:32

Moscow - Kushone okungenani abantu abangu-14 eningizimu yeRussia ekuseni ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi ibhasi ebelithwele abantu abasebenza enkontilakeni liphaphalaza layophonseka eBlack Sea, kusho izikhulu.

Leli bhasi belithwele abantu abebephuma emsebenzini emtateni oseTaman ngesikhathi kwehla le ngozi. "Kushone abantu abangu-14, kanti abanye abaningi basesimeni esibucayi," kusho ikomidi lezophenyo eRussia ngesitatimende.

Leli komidi lithe liqalise uphenyo mayelana nokungathotshelwa kwemithetho yomgwaqo kanti kuzophinde kuhlolwe nebhasi ukuthi elisesimeni esinjani ngaphambi kokubandakanyeka engozini.

OLUNYE UDABA: Kushone abangu-17 engozini yebhasi

Ngaphambilini, isikhulu sasesifubeni iKrasnodar, uVeniamin Kondratyev, sithe leli bhasi belithwele abantu abangu-35 kanti abangu-20 batakuliwe baphuthunyiswa esibhedlela.

UMnyango weziNhlekelele nokho uthe leli bhasi belithwele abantu abangu-38, abangu-24 kubona bahlengiwe.

Le ngozi yenzeke eTaman, eBlack Sea, ngaseStrait of Kerch.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.