Kushone abantu abangu-26 ibhasi ligqamuka ilangabi

2016-07-19 12:32

Taiwan - Lishe langqongqa nabantu phakathi ibhasi laseChina elishayise emgwaqeni omkhulu obheke esikhumulweni sezindiza ngoLwesibili, kusho iziphathimandla zaseChina.

Kuleli bhasi kushone bonke abantu abangu-26 abebephakathi.

OLUNYE UDABA: Kushone owesilisa nengane bengqongqa nemoto

Ibhasi belithwele izivakashi ezingu-24 kuhambo olwaluhlelwe yinkampani yokuvakasha eChina esifundazweni esisenyakatho nempumalanga yeLiaoning, kusho iziphathimandla esitatimendeni.

Kwabashonile kubalwa umshayeli webhasi nowayesiza izivakashi ezitshengisa indawo, bobabili ngabaseTaiwan.

"Umlilo wavele waba mkhulu ngokushesha, bonke abantu ababesebhasini bashona," kusho uLu Jui-yao weNational Highway Police Bureau etshela abezindaba.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.