Kushone abantu abangu-31 kugingqika iloli ebelithwele abantu abebelibangise emshadweni

2018-03-06 17:59

New Delhi - Usuku lwenjabulo luphenduke inhlekelele ngesikhathi iloli ebelithwele abantu abangu-60 kuyiwa emshadweni, lishayise ibhuloho layokhalakathela phansi emhosheni.

Ngokusho kwe-The Hindu, kushone abantu abangu-31 abebegibele elolini ngesikhathi sesigameko, abangu-25 bafa ujuqu. Kulesi sibalo kubalwa nabantu besifazane abangu-10 nezingane ezingu-5.

OLUNYE UDABA:Zife zonke izindlovu ezishayiswe isitimela eNdiya

Abalimalile baphuthunyiswe esibhedlela.

Isigameko senzeke namhlanje ekuseni kuRajkot-Bhavnagar Highway eduzane naseRandhora Village, enyakatho-mpumalanga yeNdiya.

UNsumpa wamaphoyisa u-I.M. Sayed uzwakale ethi: "Iloli ligingqikele eweni ngesikhathi umshayeli ezama ukudlula enye imoto phezu kwebhuloho namuhla ekuseni kwase kudaleka le nhlekelele."

 - TWITTER:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.