Kushone abantu abangu-6 kushiswa ibhasi ebebehamba ngalo

2018-04-03 09:31

Polokwane - Abasebenzi abayisithupha basemayini bashonile kwalimala abanye abangu-28 ngesikhathi ibhasi ebebehamba ngalo lithungelwa ngomlilo ngaphandle kwaseDriekop eLimpopo ngoMsombuluko ebusuku.

"Abantu ababili abazenze abasebenzi basemayini, bangene ebhasini balishisa. Ngemva kwalokho baphuma babaleka,” kusho okhulumela amaphoyisa eLimpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo ngoLwesibili.

Uthi abavukuzi abayisithupha bashe bangqongqa. Umshayeli webhasi kanye nabanye abavukuzi abangu-28 bakwazile ukuphuma ngamawindi.

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Ababhikishi bavale u-N3 bazitapela nempahla kumaloli

UMojapelo uthi izisulu zisebenza eModikwa Platinum Mine eBurgersfort, eLimpopo.

UMojapelo uphinde wathi sekukhishwe umehlokaboni ka-R500 000 ozonikezwa noma ngabe ubani onemininingwane engaholela ekuboshweni kwabasolwa.

Ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Nneke Ledwaba uthi amaphoyisa ngeke aphumule bengakaboshwa abenzi bokubi.

Abanemininingwane bangaxhumana noCaptain Richard Boshomane ku-079 894 5501 noma uWarrant Officer Bethuel Mahlatji ku-079 657 6873. Bangaphinde bafonele inombolo yamahhala ye-Crime Stop ku-08600 10111.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.