Kushone abantu abangu-8 kubhidlika ibhilidi ebelakhiwa

2016-07-29 16:03

New Delhi – Isikhulu sezicishamlilo eNdiya sithi kubhidlike ingxenye yebhilidi elinezitezi ezingu-13 ebelisakhiwa entshonalanga nePune, kwashona okungenani izisebenzi ezingu-8.

Lesi sikhulu sithi leli bhilidi libhidlike ngoLwesihlanu.

Abatakuli bamatasa bathungatha ezinye izisebenzi okungenzeka ukuthi zingaphansi kwemfucuza, kusho lesi sikhulu esingathandanga negama laso ngoba asigunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.

OLUNYE UDABA: Kubhidlile ibhilidi ebelisakhiwa

IPune iqhele ngamakhilomitha angu-160 ukusuka eMumbai, inhlokodolobha yeMaharashtra.

Ukubhidlika kwamabhilidi kuyinto eyejwayelekile eNdiya njengoba omakhi bakha izakhiwo ezingekho ezingeni elifanele ngoba bebaningi abantu abadinga izindawo zokuhlala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.