Kushone abathathu engozini enyantisa igazi eMpumalanga

2017-09-05 19:33

Mpumalanga - Kuqinisekisiwe ukushona kwabantu abathathu, kwalimala kabi abayisithupha engozini eyenzeke ku-R555.

Le ngozi yenzeke ngoLwesibili ekuseni emgwaqeni uStoffberg.

Ngokubika kwephephandaba i-Middelburg Observer iveni yohlobo lweColt ingene ngemuva iveni iNissan 1400.

OLUNYE UDABA:Kushone umfundi oyedwa, kwalimala abangu-47 kugingqika ibhasi ku-N3

Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo kukhona namalungu omphakathi bezama ukusiza labo abalimele.

Abashonile  kanye nabalimele batholakale besakazeke phakathi nomgwaqo.

Kubikwa ukuthi bebesesimweni esibucayi kakhulu abalimele, bathole ukwelasha kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

Kwenzeka le ngozi nje, ngoMsombuluko kubikwe ukuthi kushone abantu abayishumi ngesikhathi kungqubuzana iveni kanye nemoto encane yohlobo lweToyota Avanza ngaseBalfour, eMpumalanga.

Bangu-9 abantu ebebesemotweni encane abashonile kanti omunye wabashonile ubesevenini.

Babili abantu okubikwa ukuthi basindile kulesi sigameko, kanti basesimeni esibucayi esibhedlela.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.