Kushone abathathu engozini eyenzeke ku-N2

2018-03-07 16:00

eThekwini - Kushone amadoda amathathu engozini yomgwaqo eyenzeke kuthelawayeka uN2 eWilson's Cutting ngaseZinqoleni, kubika i-Eyethu KZN.

Kudaleke esikhulu isiminyaminya kulo mgwaqo ngemuva kokwenzeka kwale ngozi lapho kushayisane khona amaloli amabili.

Le ngozi yenzeke ngezithuba zehora lesine ekuseni ngoLwesibili. Ukwehla kwale ngozi kuye kwaphoqelela ukuthi kuvalwe umgwaqo.

Okhulumela amaphoyisa uLt.Col Zandra Wiid, uthi kushone abantu abathathu abebeselolini elilodwa.

OLUNYE UDABA: Ishonile intombazane, 17, eshaywe yizulu e-KZN

“Iloli elincane ebelidonsa inqola lishayisane nelinye ku-N2. Bathathu abantu abashonele endaweni yesigameko abebehamba ngeloli elilodwa.”

Kusinde oyedwa kuleli elinye iloli yize ephuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi.

Kudingeke ukuba lo mgwaqo uvalwe okwesikhashana ukuze abezimo eziphuthumayo bakwazi ukusebenza kahle kwazise nesimo sezulu besingesihle neze.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.