Kushone abathathu iloli lishayisa isihlahla

2017-08-23 14:02

Durban - Kushone abantu abathathu kwalimala kabi abanye ababili ngesikhathi iloli lishayisa isihlahla ngaku-N1, endleleni eya eBloemfontein.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ekuseni ngo-05h15. Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola iloli lilele ngomgogodla.

Ngesikhathi kuhlolwa isimo, kutholakale abantu abahlanu bevaleleke ngaphansi kweloli.

Abezimo eziphuthumayo kubathathe cishe amahora amabili ukuzama ukuhlenga laba abavalelekile. Kutholakale imizimba yabesimame ababili, owesilisa kanye nezingane ezimbili phakathi.

OLUNYE UDABA:Kushone umshayeli iloli ishayisa yase igqamuka umlilo

Kukholakala ukuthi umfana uneminyaka engu-8 ubudala kanti intombazane ineminyaka eyishumi.

Ngesikhathi kuxilongwa laba bantu, kutholakale ukuthi owesimame oyedwa kanye nezingane zombili bashonile.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngabe-Arrive Alive, kusinde owesilisa nomunye wesimame abalashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.