Kushone abathathu kugetshengwa i-ATM eMadadeni

2018-03-01 09:31

eThekwini - Kuzwakale ngokuqhuma kwezibhamu ngoLwesithathu ebusuku elokishini laseMadadeni ukuthi kukhulu okwenzekayo.

Izakhamuzi zasegcemeni sesine nesesihlanu kuleli lokishi zithi zizwe kuqhuma izibhamu ebusuku ngezithuba zabo-21h00.

Kuthiwa iqulu lamadoda abehlomile bahlasele ngasesitolo sakwa-Boxer eMadadeni baqhumisa i-ATM yakwa-Absa.

Bese bebaleka abasolwa ngesikhathi bezithela emaphoyiseni nokuyilapho kuqale khona isigameko sokudubulana

Okhulumela amaphoyisa akwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthi bathathu abantu abashonile kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Abasolwa bathi beba izibhamu zamaphoyisa ukuze bagebenge ibhange

"Kudubuleke umuntu oyedwa ngesikhathi abasolwa bethathana namaphoyisa ngenhlamvu. Lo muntu ushonele esibhedlela.

"Abasolwa ababili badutshulwe babulawa endaweni yakwaMdakane eDanawosi.

UZwane uthi akukaboshwa muntu okwamanje kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Lesi sigameko silandele esokuhlaselwa kwemoto yemali enxanxatheleni yezitolo iTheku Plaza khona eNewcastle.

Kuleso sigameko, abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bathole unogada okukholakala ukuthi oneminyaka eko-30 ubudala, enamanxeba angu-11 okudutshulwa.

Omunye unogada, okukholakala ukuthi oneminyaka eko-20 ubudala, usesimeni esibucayi ngemuva kokudutshulwa amahlandla amane, kanti uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ukuze ezothola ukwelashwa okunzulu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.