Kushone abathathu kushayisana amaveni

2018-03-04 15:14

Johannesburg - Abantu abathathu, okubalwa kubona nengane, bashonile ngesikhathi kungqubuzana amaveni amabili ngaseKareekloof eMeyerton‚ eningizimu yeGoli, ngoMgqibelo ebusuku.

Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak uthi abosizo lokuqala bafike kweyesehlakalo ngabo-19:00, bathola izimoto ezimbili zisesigangeni eceleni komgwaqo.

“Kukholakala ukuthi enye iveni ebilele ngohlangothi ibithwele abesilisa ababili kanye nabesifazane ababili. Oyedwa wabesifazane imchithele ngaphandle imoto ngesikhathi igingqika.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele usomabhizinisi obexhume ugesi ngokungemthetho

“Ngeshwa, bekungekho abosizo lokuqala ebebesangakwenza, kwaqinisekiswa khona lapho ukuthi ushonile. Omunye wesifazane kanye nabesilisa ababili balimale kabi, kanti baphuthunyiswe ezibhedlela eziseduzane ngokuhamba kwesikhathi.

“Kukholakala ukuthi emotweni yesibili bekukhona owesifazane, owesilisa kanye nengane phakathi. Owesilisa kanye nengane batholakale beshonile,” kusho uVermaak.

Owesifazane, obelimele kabi, uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.