Kushone abathathu kushayisana itekisi neveni

2017-09-02 15:11

Johannesburg – Kushone abantu abathathu kwathi abangu-16 balimala ngesikhazthi itekisi itholana phezulu neveni emgwaqeni u-R82 eMaccauvlei, eVereeniging ngoLwesihlanu ebusuku.

Abosizo lokuqala eGauteng kanye nabe-ER24 bafike endaweni yesigameko ngabo-19:00 bathola abantu abayisithupha bebhajwe ngaphakathi etekisini, kusho okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak.

“Abahlanu kubona bebesesimeni esibucayi, babe sebekhishwa kule moto ngosizo lwezicishamlilo zaseMfuleni. Umshayeli, okukholakala ukuthi ubehamba yedwa evenini, akalimalanga kakhulu.”

Imbangela yale ngozi ayikaziwa okwamanje, kepha iziphathimandla ziyaphenya ngayo, kusho uVermaak.

OLUNYE UDABA: Kushone abane engozini yetekisi neloli eThekwini

Kwesinye isigameko, kushone umuntu oyedwa kwathi abangu-9 balimala engozini eyenzeke ku-M4 Ruth First Highway ngaseVirginia ngabo-23:00 ngoLwesihlanu.

Okhulumela iCrisis Medical uKyle van Reenen uthe abosizo lokuqala bafie endaweni yesigameko bahlangabezana nesimo esinyantisa igazi.

UVan Reenen uthi lo wesilisa, okholakala ukuthi useminyakeni eko-30 ubudala, ukhafulwe yimoto yohlobo lweToyota Avanza, yamsacaza phansi washona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.