Kushone abavukuzi ababili emayini yaseWelkom

2018-03-28 14:01

eWelkome - Abantu ababili bashonile ngemuva kokuzamazama komhlaba okwenzeke emayini iHarmony Gold Mining Company eWelkom ngoLwesibili.

Le mayini ikhiphe isitatimende yaveza ukuthi kuzophenywa mayelana nalesi sehlakalo.

"Sibuhlungu kakhulu ukuveza udaba lokushona kwabasebenzi ababili ngesikhathi kuzamazama umhlaba emgodini wemayini iJoel ngseWelkom ngoLwesibili ekuseni," kusho isitatimende.

OLUNYE UDABA: Ushonile owesimame ogxotshwe wumshini wokugaya amatshe emayini

Abaphathi bale nkampani badlulisa amazwi enduduzo emindenini, kubangani kanye nakozakwabo balaba abashonile.

Ngonyaka odlule, lowo owayenguNgqongqoshe weziMbiwaphansi uMosebenzi Zwane wanxusa izimayini ukuba ziqinise ezokuphepha.

UZwane washo lokhu ngemuva kokushona kwabavukuzi abathathu emayini yeHarmony Gold ngo-Agasti.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.