Kushone abayisikhombisa ezingozini ezintathu

2017-09-10 13:54

Johannesburg - Kushone abantu abeyisikhombisa kwalimala kabi abantu ababili ezingozini ezintathu ezenzeke e-Alberton  ngeSonto ekuseni.

Kushone abantu abahlanu kule ngozi kanti lokhu kuvezwe ngabe-Road Traffic Management Corporation (RTMC).

“Kushayisane izimoto ezinhlanu engozini enyantisa igazi," kushu uSimon Zwane okhulumela abeRTMC.

UZwane uthi uphenyo lokuqala lubonise ukuthi imoto eyodwa ibihamba kancane kwesokunxele ngesikhathi ishayiswa enye imoto, yavele yashayisana nezinye ebezingaphambi kwayo.

"Imoto okuyiyona edale ingozi kayizange ime ivele yabaleka."

OLUNYE UDABA:Usesimweni esibucayi umfana, 6 ophume emotweni ihamba, yamnyathela

Amaphoyisa asathungatha yona.

Kwenye ingozi, kushone umuntu oyedwa kwalimala abantu abane engozini eyenzeke edolobheni laseThekwini ngoMgqibelo ebusuku.

Owesimame oyedwa utholakale eshonile endaweni yesigameko.

EThaba Nchu ngoMgqibelo ebusuku, kushone owesilisa kwalimala kabi abantu ababili engozini ebandakanya imoto yamaphoyisa.

Kuthiwa umshayeli wemoto yohlobo lwe-Audi ukhafulwe yimoto ngesikhathi kwenzeka le ngozi. Lo mshayeli kanye nalo abebehamba naye baphuthunyiswe esibhedlela.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.