Kushone abayisithupha engozini eyenzeke eLimpopo

2018-04-28 09:36

eLimpopo - Kushone abantu abayisithupha kwalimala abathathu ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili emgwaqeni uPolokwane-Matlala eLimpopo.

Iziphathimandla zezomgwaqo zithi umshayeli oyedwa uphunyukwe yimoto wahluleka ukuyilawula yase ishayisana nenye.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha uMatome Moremi uthi abantu abayisthupha bashone ujuqu endaweni yesigameko.

UMoremi uthi ukushayela budedengu komunye wabashayeli yikona okusolakala kuyimbangela yale ngozi.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abangu-7 engozini yeveni nesitimela

Kwesinye isigameko, izikhulu zoMnyango wamaPhoyisa ngoMgqibelo zizovakashela umndeni wephoyisa elishayiswe labulawa wumshayeli obeshayela ngesivinini.

Lo mshayeli akazange ame ngesikhathi emiswa washayisa lephoyisa maqede wabaleka.

Ujahwe ngelinye iphoyisa laze lamthola nokuyilapho kutholakale khona ukuthi udle amponjwana, kubika iSABC News.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.