Kushone abazali kwasinda izingane engozini eGoli

2016-12-27 13:26

Johannesburg - Kushone izithandani ngemuva kokuba imoto ebezihamba ngayo ishayisane nenye ku-N12 eduzane naseZuurbekom ngaphandle kwaseCarletonville, entshonalanga yeGoli.

Kule ngozi kulimale kanzima izingane ezimbili zalezi zithandani.

Umshayeli wenye imoto usindile.

OLUNYE UDABA: Sisinde engozini isihlabani sodumo lweShumaya: Umbiko

Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak uthe abosizo lokuqala i-ER24 behlangene nabezinye izimo zokuqala bafike endaweni yesigameko kuginqike izimoto ezimbili.

Uthe abazali bezingane ezimbili, enezinyanga ezingu-18 izelwe neneminyaka engu-9 ubudala zitholwe zisesimeni esibucayi eduzane neveni ebiginqikile.

"Abazali bahlonzwe njengabashonile endaweni yesigameko kanti izingane zitholwe zisesimeni esibucayi. Umshayeli wemoto yohlobo lwe-Polo uthole imihuzukwana wanqaba nokuya esibhedlela," kuqhuba uVermaak.

Imbangela yesigameko ayikaziwa.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.