Kushone abesifazane abathathu umuzi uthungeleka ngomlilo belele

2018-04-09 07:32

Kushone abantu besifazane abathathu ngesikhathi kuqubuka umlilo emzini oseMazotshweni Location, eTongwana, eButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.  

Laba abashonile, abaneminyaka engu-21, 25 no-30 ubudala, bavelelwe yilo mshophi ngoMgqibelo ekuseni ngabo-04:30, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha ngesitatimende.  

Uthe kubukeka sengathi izisulu zishiye ikhandlela livutha zase zizunywa wubuthongo.

"Akucaci noma bahlobene noma cha, kepha baficwe wukufa belele endlini eyodwa. Bonke abashonile banezibongo ezingafani.”

UManatha uthe amagama abashonile azokhishwa uma seyazisiwe imindeni yabo.

Ube esexwayisa izakhamuzi ukuba ziqikelele ekutheni amakhandlela ziyawacisha uma zilala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.