Kushone amalungu omndeni owodwa angu-10 ngemuva kokudla amankowankowane

2018-03-08 11:03

Harare - Kushone amalungu omndeni owodwa ayishumi ngemuva kokudla amankowankowane amile ngemuva kokuna kwezimvula ezinkulu kwaBulawayo, eZimbabwe.

Phakathi kwalaba abashonile kubalwa izingane eziyisikhombisa, eziphakathi kweminyaka emibili nengu-12 ubudala.

Umsakazo ongaphansi koMbuso, i-ZBC Radio, uthe zonke lezi zingane zingcwatshwe ndawonye esigodini esisenkabeni yeZimbabwe.

Sebebonke abashonile kube ngamalungu ayishumi omndeni owodwa avelelwe yilo mshophi ngemuva kokudla amakhowe anobuthi ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: Amakhowe abulale owesifazane eKZN

Imibiko yabezindaba zakuleliya lizwe ithi ubaba, uTenious Shoko, wathumela indodakazi yakhe ukuba iyokha amakhowe abazolala bewadle njengesishebo ngoLwesibili wesonto eledlule.

Lo mndeni wabe usuhlatshwa wukugula ngakusa wabe usuphuthunyiswa esibhedlela. Amalungu amathathu alo mndeni ashona ngoLwesine olwedlule, kwathi lawa amanye ayisikhombisa ashona ngempelasonto.

Ngemuva kwezimvula ezinkulu, amakhowe aba yinala, kanti iziphathimandla zixwayisa abantu ukuba bangabeki izimpilo zabo engcupheni ngokudla amakhowe abawakha ehlathini.

UMqondisi waseMpilo Central Hospital, uDkt Solwayo Ngwenya, uthe laba abashonele esibhedlela kube yizingane eziyisithupha nomuntu omdala wesilisa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.