Kushone elinye ilungu elilimale kweyeGcokama

2017-03-23 14:02

Durban - Kugcine kulenele ilungu lomndeni wakwaLanga eGubazi eNquthu enyakatho yeKwaZulu-Natal elingeniswe esibhedlela emuva kokuba imoto yohlobo lwe-Toyota Tazz ebelihammba ngayo noyise nezingane zakwabo ishayisana mahlanze nekhumbi yohlobo lweToyota Quantum ebishayelwa yisilomo sikamasikandi, uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele, 29, emasontweni edlule.

Le ngozi yenzeke mhlaka-10 Mashi eHlobane eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal kwashona izingane ezintathu zikaSkhumbuzo Langa, 50.

Sekuphinde kwashona enye ogama layo nguThobani Langa, 3, ebingeniswe esibhedlela iNkosi Albert Luthuli, eCator Manor, eningizimu yeTheku ilimele kanzima.

OLUNYE UDABA: IGcokama engozini yemoto - kushone abathathu

Kwenzeka lokhu nje laba abanye abantwana abathathu bebefihlwa ngomhlaka-11 Mashi.

ULanga uthi uthole ucingo ngoLwesihlanu olwedlule luvela esibhedlela etshelwa ukuthi isimo sibucayi, makaphuthume eThekwini.

Utshele ILANGA ukuthi ubuzwile ubunzima emhlabeni ngokushonelwa yizingane zakhe zonke.

"Esibhedlela bathe ingane ishayeke kakhulu ekhanda futhi sebegadle ngazo zonke, bakuvezile nokuthi mancane amathuba okuthi iphile.

"Ngiphuthumile ngaya eThekwini ngafika ngalala nayo ingane yami ngabuyela ekhaya ngeSonto. Kuthe ngezikhathi zakusihlwa, ngathola ucingo oluthi kayisekho emhlabeni," kusho uLanga.

Uthi kuzofihlwa ngoMgqibelo eGubazi.

Kwenzeka lokhu nje, ILANGA belithole ukuthi iGcokama belihlele ukuvakashela lo mndeni nasezikoleni obekufunda laba abafihlwe ngomhlaka-11.

Ngelanga okufihlwe ngalo laba abathathu, iGcokama lithumele imali engu-R10 000 likhalisana nomndeni.

Ngesikhathi kwehla ingozi iGcokama belisuka eMkhanyakude, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal lihamba namagidangoma alo angu-6 belibangise eGoli kanti uLanga yena ubehamba nomndeni wakhe wonke bebuya eNquthu belibangise eVryheid.

Ekhumbini iQuantum, akushonanga muntu.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthi lusaqhubeka uphenyo ngembangela yale ngozi.

"Akukaboshwa muntu."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.