Kushone izelamani ngemuva kokudla ama-chips amazambane

2016-11-10 07:02

Durban - UNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo ngoLwesithathu uzwakalise ukudabuka kwakhe ngokudlula emhlabeni kwezelamani ezimbili ezivele zahlaselwa wukugula ngemuva kokudla amashibusi amazambane nokuphuza amanzi abesesigujini esingamalitha angu-25.

Lezi zelamani ezingabafana ababili abaneminyaka engu-10 no-12 ubudala zaseMakgobistad, zishone ngoLwesibili ntambama.

Imbangela yokushona kwazo ayisheshanga yacaca.

OLUNYE UDABA: Kucelwa abazali bafundise izingane ukuthi ziyeke ukuhala

UMahumapelo uthe la bafana bobabili bebengabafundi basesikoleni iMakgobi Primary.

Uthisha wakulesi sikole uCathrine Marumo uthe isikole sibikelwe ukuthi labafundi bagule ngemuva kokudla amashibusi amazambane nokuphuza amanzi abesesigujini sika-25 litha.

Bobabili la bafana bashonele emtholampilo.

Kuthinteke izingane ezintathu zomndeni owodwa kulesi sehlakalo.

Ingane yesithathu eneminyaka engu-15 ubudala iyelulama esibhedlela iBophelong eMafikeng.

UMahumapelo udlulise amazwi enduduzo emndenini olahlekelwe wathi bazokwenza konke okusemandleni ukusweka lo mndeni kulesi sikhathi esinzima.

Uthishanhloko wesikole uLesedi Modise uthe inkonzo yesikhumbuzo ihlelelwe uLwesine ehholo lomphakathi eMakgobistad ngezithuba zabo-11:30.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.