Kushone ibhungu elithelwe amachaphazelo embhikishweni

2017-06-27 11:01

Johannesburg - Kudubuleke umfana oneminyaka engu-17 ubudala washona kwathi owesifazane okhulelwe walimala embhikishweni wezindlu ngoMsombuluko.

Izisulu kubikwa ukuthi zidutshulwe ngunogada wakwa-Prasa ogcine eshonile ngemuva kokushaywa amalungu omphakathi.

U-Elizabeth Jojo, 54, utshele iDaily Sun ukuthi indodana yakhe ibulawe embhikishweni emijondolo yaseHolomisa ngaseNancefield Station ePimville, eSoweto.

Ngokusho komholi womphakathi uPhilip Mnomiya, 40, ababhikishi bavale umzila wesitimela, ngaphambi kokuba badutshulwe ngonogada.

Uthi kubonakale abantu bejikijela ngamatshe, nokuyilapho onogada becele ukuba kungacekelwa phansi isitimela.

“Ngemuva kwemizuzu embalwa, badubula [onogada] bebhekisa ngakithina. Sisukile ngasemzileni wesitimela ngesikhathi bedubula.”

Udadewabo wesifazane okhulelwe, uTebogo Rapuleng, 34, uthi ufike endaweni yesigameko wathola udadewabo, uLerato, 29, edubuleke esiswini, ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Ubangwa nezibi odutshulwe erenki

Kuthiwa umufi ubengeyona ingxenye yalabo ebebebhikisha, kodwa ubedlula kanti uzothelwa amachaphazelo.

Kuthiwa ubegobile efasa izintambo zesicathulo ngesikhathi ebona abantu bebalekela ngakuyena, nokuthe uma esukuma, wadubuleka esifubeni.

Ngemuva kwalokho, izakhamuzi kuthiwa zishaye unogada okuthiwa nguyena odubulile kodwa amaphoyisa azinqanda izakhamuzi, amyisa esibhedlela unogada.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Kay Makhubele uthe: “Unogada uphuthunyiswe esibhedlela kodwa washonela endleleni. Kuvulwe amacala amabili okubulala.”

UMakhubele uphinde wathi kuvulwe necala lokuzama ukubulala, ngokulimala kowesifazane okhulelwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.