Kushone ilungu le-ANCYL engozini yemoto

2017-09-17 11:02

East London – Lowo obeyilungu le-African National Congress Youth League (ANCYL) aphinde abe ngusomabhizinisi, uSive Nombembe, udlulile emhlabeni kulandela ingozi yemoto.

Le ngozi yenzeke eMdantsane, ngaphandle kwase-East London, e-Eastern Cape, ezintatha zangoMgqibelo.

Amaphoyisa aseBluewater aqinisekisile ukuthi aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

UCaptain Nkosikho Mzuku utshele iNews24 ukuthi le ngozi yenzeke kuthelawayeka u-N2 phakathi kwaseKomga nase-East London. UNombembe, 31, ushone ehamba nomngani wakhe, 32, besuka eMthatha belibangise e-East London, esho.

OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

“Kushayisane iloli neMercedes Benz ezintatha zangoMgqibelo. Bobabili abantu ababahamba ngeMercedes Benz bashonile kulesi sigameko. Imbangela yalesi sigameko ayaziwa okwamanje,” esho.

Abanye abantu ababili abebehamba ngeloli kuthiwa abalimalanga kulesi sigameko.

UNombembe ubephenywa wuphiko loKlebe ngezinsolo zokukhwabanisa obekuthinteka kuzo uSindile Tantsi, owayeyimenenja kaMasipala waseMnquma.

UTantsi naye washona engozini yemoto ngasekuqaleni konyaka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.