Kushone indoda ebigijima emgwaqeni eThekwini

2017-08-04 14:02

Durban – Ishonile indoda ebigijima emgwaqeni okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala ngemuva kokuquleka ku-Entabeni Road ePinetown, entshonalanga yeTheku, kusho abosizo lokuqala ngoLwesihlanu.

UGarrith Jamieson, okhulumela iRescue Care, uthe le ndoda ishone ngoLwesine ebusuku ngezithuba zabo-18:45.

Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bafice abantu besigungu esiqapha umphakathi bezama ukuhlenga le ndoda beyenza i-cardiopulmonary (CPR), kusho uJemieson.

OLUNYE UDABA:Umgijimi uyazisola ngokudla izidakamizwa notshwala

"Le ndoda ixilongwe endaweni yesigameko ngabosizo lokuqala. Ngemuva kwemizuzu engu-30, le ndoda ingatshengisi zimpawu zokuphila yahlonzwa njengeshonile endaweni yesigameko," usho njalo.

Okwamanje, imbangela yesigameko ayaziwa, kodwa amaphoyisa ayaphenya, kuqhuba uJamieson.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uqinisekise ukuvulwa kwedokodo esiteshini samaphoyisa asePinetown ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.