Kushone indoda embangweni womhlaba eGoli

2017-09-22 15:59

Johannesburg – Kushone umuntu oyedwa kwathi omunye wathola inxeba lokudutshulwa kuqhubeka umbango womhlaba eLenasia, eningizimu yeGoli, ngoLwesihlanu ekuseni.

"Okwamanje asikwazi ukuqinisekisa imbangela yokushona kwale ndoda. Amaphoyisa njengamanje alibangise endaweni yesigameko okushonele kuyo le ndoda," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela.

OLUNYE UDABA:Asiyidingi i-grant, sifuna umhlaba - Malema

UMakhubela uthe abe-Red Ant Security Services bebexosha abahlali basemjondolo ngakuthelawayeka.

"Isimo sisamanzonzo. Abanikazi bemijondolo bajikijela abeRed Ants ngamatshe. Bonke labo ababandakanyeka esigamekweni sokudubula bazoboshwa."

UChief Superintendent Wayne Minnaar okhulumela amaphoyisa kaMasipala eGoli, uthe kuvaleleke abashayeli abasuka kuProvincial nakuWimbledon Road ku-Golden Highway.

Abashayeli baxwayiswa ukuba bahambe ngeminye imigwaqo, okubalwa kuyo u-Old Lawley Road, u-K43 no-N1.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.