Kushone ingane ishokhwa wugesi esikoleni

2018-03-16 09:31

Johannesburg – Amaphoyisa ayaphenya ngokufa kwengane eneminyaka emihlanu ubudala eshokhwe ugesi esikoleni samabanga aphansi eLimpopo.

Kukholakala ukuthi ingane yesikole ibihamba emagcekeni esikole esiseThondoni Village ngoLwesine ekuseni ngesikhathi ishokhwa yintambo kagesi.

Okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe uthi: “Kuthiwa ingane yentombazane, ebiyenza u-grade R, ibizigambela ngasemakilasini ngesikhathi ishokheka.

OLUNYE UDABA: Babanjwe inkunzi abosizo lokuqala bekhonjwe ngesibhamu

“Okwamanje, uphenyo luyaqhubeka ngesigameko.”

Lena yingane yesibili eneminyaka emihlanu ukushonela emagcekeni esikoleni eNingizimu Afrika esikhathini esingamahora angu-24.

NgoLwesine, uViwe Jali, 5, ushonile ngemuva kokuba ephonseke ethoyilethi lomgodi esifundazweni i-Eastern Cape.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.