Kushone ingane kwalimala ezingu-7 kuginqika itekisi

2017-02-02 19:28

Johannesburg - Kushone ingane eyodwa kwalimala ezingu-7 ngoLwesine ntambama ngesikhathi kuginqika itekisi ebezihamba ngalo ku-N12 phakathi kwaseFochville naseWestonaria.

Abosizo lokuqala i-ER24, kanye nabezinye izimo eziphuthumayo, bafike endaweni yesigameko bafica itekisi liginqikile eceleni komgwaqo.

Inqwaba yezingane itholwe ihlezi ngasetekisini, kusho okhulumela i-ER24 uRussel Meiring.

OLUNYE UDABA: Kudaleke ingozi owesilisa ebamba umshayeli wetekisi ngobhongwane

Iziphathimandla zendawo zibe sezivala umgwaqo ngesikhathi abosizo lokuqala behlola izingane endaweni yesigameko.

"Isidumbu sentombazane okukholakala ukuthi ineminyaka engu-14 ubudala sitholwe buqamama netekisi.

"Abosizo lokuqala babe sebehlola le ngano bathola ukuthi isihonile ngenxa yokulimala kanzima. Ngeshwa akukho abebesangakwenza yahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko," kusho uMeiring.

UMeiring uqhube ngokuthi enye yezingane ezilimale kanzima iphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane, iyolashelwa khona.

"Imbangela yesigameko ayikaziwa kodwa iziphathimandla bezisendaweni yeisgameko ziyophenya."

 - TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.