Kushone ingane kwesokudubulana kosomatekisi KwaNdengezi

2018-02-08 12:32

eThekwini - Umfana oneminyaka engu-13 ubudala ushonile ngemuva kokudubuleka kwisehlakalo esenzeke erenki yamatekisi KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, kubika iNewswatch.

Kukholakala ukuthi lo mfana ushaywe yinhlamvu ephaphalaze yaqonda kuye ngesikhathi kungqubuzana abamatekisi ngoLwesithathu.

UMnyango wezokuThutha kwaZulu-Natal uthi abasolwa abangaziwa bafike kule renki bavulela ngenhlamvu bebhekise ebantwini okukholakala ukuthi bangamalungu eZwelibomvu Taxi Association.  

Okhulumela lo Mnyango, uKwanele Ncalane, uthi kulimale namalungu alo soseshini kulesi sehlakalo.

OLUNYE UDABA: Bakhumelene umlotha abamatekisi kwaNongoma

Uthi lokhu kuhlasela kuyimbangela yempi eqhubekayo phakathi kososeshini abasebenzela kule ndawo.

“Sishaqeke kabi ngalesi sehlakalo ngoba kusobala ukuthi le mpi ilwa nekusasa lomphakathi uma kulimala izingane zethu. Kukhulu okumele kwenziwe ukuze kuphele udlame kule mboni,” kusho yena.

Uqhubeke wathi amaphoyisa ayaphenya ngalesi sehlakalo kodwa noNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMxolisi Kaunda, uhlela ukwengeza ezokuphepha ezindaweni ezidume ngokuba nodlame kakhulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.