Kushone iphoyisa elishayiswe yimoto lisemsebenzini

2017-09-02 13:01

Johannesburg – UMkhandlu waseGoli usunxuse abashayeli ukuba bangahambi ngesivinini esiphezulu kulandela ukushona kwephoyisa lomgwaqo elishayiswe yimoto lisemsebenzini ngoLwesihlanu.

Ilungu lekomidi lemeya kwezokuphepha komphakathi, ukhansela uMichael Sun, uthe leli phoyisa elidabuka eLimpopo kodwa ebelihlala eTembisa, belijutshwe ezimpambanweni zomgwaqo u-M1 noMarlboro Drive.

“Leli phoyisa lilimale kabi ngemuva kokushayiswa yimoto, kwathi ngokuhamba kwesikhathi lashonela khona endaweni yesigameko,” kusho uSun.

USun uthe umshayeli wemoto edale ingozi ube eseboshwa kanti uzobhekana necala lokubulala noma elokubulala ngokungenhloso.

OLUNYE UDABA: Beliqala ngqa ukusebenza iphoyisa elibulewe eLindelani

Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini nasebanganini baleli phoyisa, elishiye emhlabeni unkosikazi kanye nezingane ezimbili.

“Kuyadabukisa ukuthi lesi sigameko senzeke ngemuva kwesonto ngicele abashayeli ukuba behlise isivinini emgwaqeni uma bebona amaphoyisa esemsebenzini.

“Ngiyaphinda futhi nginxusa abashayeli ukuba bathobele imithetho yomgwaqo, hhayi ukuzivikela bona kuphela kepha nabanye abantu,” esho.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.