Kushone iphoyisa likamasipala esigamekweni sokuphanga

2018-02-17 15:30

Johannesburg – Iphoyisa elisebenza ngaphansi kweJohannesburg Metro Police Department, ebelingekho emsebenzini, lidutshulwe ngemuva kokuzama ukusiza kubanjwa inkunzi ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela ezokuphepha kumasipala, uMichael Sun, uthe leli phoyisa, 47, ebelingawufakile umfaniswano ngesikhathi sesehlakalo, libone kuqhubeka isigameko sokuphanga ngaseBusy Corner, e-Ivory Park.

“Kuthe uma lizama ukungenelela, izigelekeqe ezintathu zalidubula engalweni nasesifubeni. Libe selithulela khona lapho," kusho uSun.

“Kuthe ngemuva kwesikhashana kwenzeke lesi sigameko, ibamba likamkhuzi we-JMPD labiza wonke amaphoyisa abesemsebenzini lawayalela ukuba avale indawo athungathe abasolwa," esho.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa lisemsebenzini eShowe

USun uthe bekungakaboshwa muntu okwamanje. "Ngiphoxeke kakhulu futhi ngithukuthele ngokuthi elinye lamaphoyisa ethu libulawe lizama ukusiza nokuvikela," kusho iMeya uHerman Mashaba.

“Lesi yisigameko sesine sokushona kwephoyisa le-JMPD esikhathini esingangenyanga, futhi lesi sihlava kumele sinqandwe singaze siye kude.

"Senginxuse uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uDeliwe de Langer, ukuba asize ekuthungatheni abasolwa," kusho uMashaba.

UMashaba uthe uDe Langer umqinisekisile ukuthi umbutho we-SAPS uzokwenza konke okusemandleni ukuthola abenzi bububi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.