Kushone iziguli esibhedlela saseXobho kuhamba ugesi

2016-04-01 10:01

Durban – Kushone iziguli ezimbili eChrist the King Hospital, eXobho, kulandela ukucisha kwemishini ebezizisiza ukuphefumula ngenxa yokuhamba kukagesi kulesi sibhedlela.

Ngokusho kwemithombo engaphakathi kulesi sibhedlela, ama-generators awazange axhume ngokushesha asebenze ngesikhathi kuhamba ugesi ngoMgqibelo.

Amanesi akholelwa ekutheni imindeni ngeke itshelwe iqiniso ngokushona kwalezi ziguli ngoba isibhedlela sizama ukufihla le nkinga.

La manesi aqhuba ngokuthi ngesikhathi kuhamba ugesi kudingeke asebenzise omakhalekhukhwini ukukhanyisa.

OLUNYE UDABA: Isiguli sibulale esinye esibhedlela e-KZN

Athi le nkinga iqhubekile kwaze kwaba abakwa-Eskom balungisa ugesi ngoLwesithathu.

“UMnyango wezeMpilo esifundazweni kumele ungenelele kulesi sibhedlela. Kudingeke ukuthi sizihambise ngokwethu izidumbu lapho zihlala khona, sabona ukuthi ezinye ebezisemashalofini seziqala ukonakala,” kusho omunye unesi.

Uqhuba ngokuthi kudingeke ukuthi balahle ukudla obekuseziqandisini ngenxa yokuhamba kukagesi – okukholakala ukuthi kudalwe yisiphepho.

Okhulumela isibhedlela uMusa Chiya uqinisekisile ukuthi kube nenkinga kagesi kulesi sibhedlela nokuthi ama-generator abenenkinga kepha alungiswa ngokushesha.

Uphikile ukuthi kube nokuphazamiseka komsebenzi ngenxa kagesi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.