Kushone izingane ezimbili imoto ka'malume' ishayisana nenye

2017-11-22 12:30

Johannesburg - Kushone izingane ezimbili engozini eyenzeke eBenoni, e-East Rand, ngoLwesithathu ekuseni, kusho abezimo eziphuthumayo.

Kukholakala ukuthi umshayeli wemoto ebithwele izingane ezingu-14 uhlulekile ukuyilawula yase ishayisana nemoto encane ngaphambi kokuba igingqike izikhawu ezimbalwa.

Izingane ezingu-12 kanye nomshayeli wale moto ethwala izingane zesikole bangeniswe esibhedlela.

Okhulumela abezimo eziphuthumayho eKurhuleni uWilliam Ntladi uthe: "Umshayeli wemoto ehambisa izingane zesikole uhlulekile ukuyilawula, washayisa isigxobo sikagesi itekisi yase iyagingqika. Kube sekushona izingane endaweni yesigameko.

Kwesinye isigameko esenzeke KwaZulu-Natal, owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala uthole ukulimala ngemuva kwesigameko sokubanjwa inkunzi base bemdudulela elolini kuKhandar Avenue, eMnambithi, ngoLwesithathu ntambama.

Abosizo lokuqala bakwa-ER24 bafike endaweni yesigameko ngabo-15:30 bathola isixuku sabantu sizama ukusiza lo wesifazane.

Ube esenikezwa usizo lwezempilo endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela sikahulumeni eMnambithi.

Abezimo eziphuthumayo bathi abanaso isiqiniseko ngembangela yalesi sehlakalo, kepha iziphathimandla zendawo ziyaphenya.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.