kushone izingane ezimbili kugingqika imoto

2016-07-14 13:32

Bloemfontein – Kushone izingane ezimbili, okukholakala ukuthi zineminyaka ephakathi kwemithathu nemihlanu ubudala, ngesikhathi kugingqika imoto ku-N6 eReddersburg, ngaphandle kwaseBloemfontein ngoLwesine ekuseni, kusho abosizo lokuqala.

Abosizo lokuqala bafike kweyesehlakalo ngezithuba zabo-09:30 ekuseni bathola abantu besacazeke phakathi nomgwaqo, kusho uWerner Vermaak okhulumela i-ER24.  

Kukholakala ukuthi abagibeli bachithwe yimoto, kusho uVermaak.  

"Abosizo lokuqala bahlole abebelimele bathola ukuthi izingane ezimbili besezishonile,” usho kanje.

Funda nalolu daba:  

Abantu abathathu asebekhulile (abesifazane ababili nomlisa oyedwa) kanye nengane bangabanye babantu abathole ukulimala.

"Owesifazane oyedwa usesimeni esibucayi kanti uphuthunyiswe ngendiza enophephela emhlane esibhedlela.”

Abanye bathole ukwelwashwa endaweni yesehlakalo basebephuthunyiswa esibebhedlela.

 "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.