Kushone nengane kugingqika imoto

2017-08-21 09:32

Hendrina – Kushone abantu abane, okubalwa kubona nengane yentombazane ngemuva kokuba imoto yabo iphume emgwaqeni yaphoseka phansi kwebhuloho ku-R38 ngaphandle kwaseHendrina eMpumalanga, kusho abosizo lokuqala ngoMsombuluko.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe bathole imoto ilele ngohlangothi.

UMeiring uthe abosizo lokuqala bathole izidimbu zabezilisa abathathu zivaleleke emotweni.

OLUNYE UDABA: Kushone 7 kungqubuzana izimoto

Isidumbu sentombazanyana eneminyaka emibili ubudala sitholakale budebuduze nomfula.

Bobane kuqinisekiswe endaweni yesigameko ukuthi bashonile.

Uthe kukholakala ukuthi abanye abantu ababili baphuthunyiswe esibhedlela ngaphambi kokufika kwabosizo lokuqala.

Iziphathimandla ziyaphenya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.