Kushone obehamba ngesithuthuthu nobehamba ngezinyawo engozini

2017-08-11 14:03

Johannesburg – Abantu ababili abaneminyaka eko-30 ubudala bashonile ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi isithuthuthu sishayisa obehamba ngezinyawo ku-Old Johannesburg Road eCenturion.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala bathole izidumbu ezimbili, esisodwa somshayeli wesithuthuthu nesobehamba ngezinyawo ngabo-06:42 ekuseni. 

"Abosizo lokuqala bathole isidumbu sobehamba ngezinyawo, okungowesilisa oneminyaka eko-30 ubudala, edindilize phakathi komgwaqo,” kusho uMeiring.

Owesilisa ubelimele kabi.

"Isidumbu sobehamba ngesithuthuthu, okungowesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka eko-30 ubudala, utholakale phakathi komgwaqo buqamama nesithuthuthu.”

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulaw aisishoshovu somzabalazo

UMeiring uthe abosizo lokuqala bamhlolile bathola ukuthi ubesesimweni esibucayi kakhulu.

"Kube sekwenziwa i-CPR wafakwa nemishini ngemizamo yokuhlenga impilo yakhe. Ngeshwa, ngemuva kwemizuzu engu-40, bezingasabonakali izimpawu zokuthi usaphila, kwaqinisekiswa ukuthi useshonile."

Iziphathimandla bezisesendaweni yesigameko.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.