Kushone obezama ukulamula amadoda amane elwela intombi

2017-01-20 18:00

EKurhuleni - UXolani Tilana, 40, ubezama ukulamula ingxabano yamadoda amane abelwela intombi ngoMgqibelo ebusuku ejoyintini.

Abazibonele ngawabo bathi indoda ngayinye ibilwela ukuhamba nalo wesimame ngesikhathi kuqubuka impi.

Ngokusho kwalaba uXolani ubephakathi kwabalwayo ngesikhathi bemgenca ekhanda ngephanga, kubika iDaily Sun.

OLUNYE UDABA:Owesilisa uthi umkakhe umshayela ukubhacaza embhedeni

Ngemuva kwalokhu, lawa madoda amane abalekile kodwa bagcina bebanjwe amaphoyisa aseDuduza ngoMsombuluko.

USayitsheni Harry Manaka okhulumela maphoyisa ukuqinisekisile ukubulawa kukaXolani otholakale enenxeba lokugwazwa kanye nokugencwa.

“Abasolwa abane babanjwa ngemuva kokuthi amaphoyisa aphume umkhankaso wokubathungatha ngoMsombuluko.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.