Kushone owesifazane emahhovisi akwa-SABC eThekwini

2018-03-27 18:00

Durban - Owesifazane oneminyaka engu-39 ubudala uwe phansi washona emahhovisi omsakazeli womphakathi i-South African Broadcasting Corporation (SABC) aseThekwini ngoMgqibelo ekuseni, kusho abomsakazeli womphakathi.

Kuthiwa lo wesifazane wayevakashele emahhovisi akwa-SABC ngesikhathi ewa eshayeka phansi endaweni okwamukelwa kuyo izivakashi.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa owezomthetho kwa-SABC

"Abasebenzi bakwa-SABC babizela abosizo lokuqala namaphoyisa endaweni yesigameko. Lo wesifazane wahlonzwa ngabosizo lokuqala njengoshonile endaweni yesigameko ngezithuba zabo-11:30," kusho isitatimende se-SABC.

Kuthiwa amaphoyisa awubikela umndeni walo wesifazane ngokushona kwakhe.

"Lolu daba selusezandleni zabantu bomthetho."

Igama lalo wesifazane alidalulwanga. 

 - TimesLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.