Kushone owesifazane ibhasi lingqubuzana neveni

2017-08-04 14:01

Cape Town – Isikhulu samaphoyisa omgwaqo eWestern Cape uKenny Africa sikuqinisekisile ukuthi kushone owesifazane ngemuva kokuba ibhasi le-MyCiti lishayisane neveni yohlobo lweCorsa ekhoneni lika-R27 no-Ocean Way, eMilnerton, eKapa, ngoLwesine ebusuku.

Ushonele endaweni yesigameko.

Owesifazane kukholakala ukuthi uneminyaka eko-50 ubudala, kanti ubesasemotweni yakhe ngesikhathi kufika abosizo lokuqala endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Udedelwe ngebheyili 'umama oshaye' wabulala usana lwakhe

Abosizo lokuqala be-ER24 bamkhiphile emotweni, bazama ukuhlenga impilo yakhe ngokwenza i-CPR, kodwa washona.

Nakuba imininingwane egcwele ngengozi ingakaziwa, amaphoyisa abesendaweni yesigameko ukwenza uphenyo, kusho u-Afrika.

Ukusebenza kwamabhasi eMyCiti kuphazamisekile ngemuva kwengozi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.