Kushone owesifazane, kwalimala 17 kungqubuzana itekisi nemoto

2017-09-28 12:30

Johannesburg – Kushone owesifazane kwalimala abanye abantu abangu-17 kungqubuzana itekisi nemoto encane ezimpambanweni zomgwaqo uCentral no-11th Avenue eHoughton, eGoli ngoLwesine ekuseni.

Itekisi igingqike yaphenduka yabheka phezulu ngemuva kokungqubuzana nemoto.

Okhulumela iNetcare 911 uNick Dollman uthe owesifazane ongakahlonzwa obesetekisini, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-30 ubudala, ushonele endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Ushonile owesilisa oshayiswe yizimoto ezintathu

“Abosizo lokuqala bezinkampani ezahlukene basize abantu abangu-17 endaweni yesigameko, ebebelimele ngezindlela ezahlukene,” kusho uDollman.

“Bathole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ngama-ambulensi ezibhedlela ukuze bathole ukwelashwa okunzulu, nokunakekelwa.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.