Kushone owesilisa kwalimala abathathu engozini yezimoto eThekwini

2018-05-05 11:00

Durban - Kushone indoda eneminyaka ebalelwa kweko-20 ubudala kwalimala nabanye abantu abathathu engozini eyenzeke kuNewlands West Drive eduzane nakuFosa Road ngoLwesihlanu ebusuku.

UGarrith Jamieson weRescue Care uthe isigameko senzeke ngemuva kwezithuba zabo-22:00, kwaphoqeleka ukuba kuvalwe umgwaqo.

Uthe abosizo lokuqala ngesikhathi befika, bafice indoda ibambeke emotweni ilimele kabi.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Kube ngenyantisa igazi ingozi eyenzeke ku-N3 ngakwaNobamba

"Ngeshwa akukho obekusengenziwa ukuyihlenga yahlonzwa njengeshonile khona endaweni yesigameko," usho njalo.

UJamieson uthe abantu abathathu abebehamba ngemoto yesibili abathole ukulimala baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuxilongwa endaweni yesigameko.

"Okwamanje imbangela yengozi ayaziwa, kodwa, amaphoyisa abesendaweni yeisgameko ayaphenya," usho njalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.