Kushone owesilisa obeyosakaza umlotha kayise echibini

2017-08-18 12:30

Au Train – Owesilisa waseMichigan obegibele isikebhe ushonile ngemuva kokuphoseka emanzini ebebeyothela kuwona umlotha kayise eLake Superior.

URobert Louis, 59, ushone ngemuva kancane nje yena kanye nabanye abayisithupha ebebegibele isikebhe bephoseke echibini ngase-Au Train e-Upper Peninsula, kubika iWLUC-TV.

Umfowabo kaLouis, uJohn "Joe" Louis, uthe abantu ebebegibele isikebhe bebehlonipha izifiso zokugcina zikayise, oshone emasontweni amabili edlule.

"Umfowethu uchithe cishe sonke isikhathi sakhe eqinisekisa ukuthi ubaba uthola ukunakekelwa kusukela eqala ukugula eminyakeni emine eyedlule,” kusho uLouis.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele owadushela owesifazane emgwaqeni egijima

Ingxenye yomlotha ibizofakwa emaznini kanti enye ethuneni lomkakhe. 

Amaphoyisa aseMichigan athi abanye abantu abayisithupha basindile ngemuva kokutakulwa emanzini kanti bathola ukwelashwa.

Ozibonele utshele amaphoyisa ukuthi ubone ngesikebhe ebesithwele amantu siketuka, bonke abantu ebebephakathi bangena emanzini.

Iziphathimandla zithi ziyaphenya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.