Kushone owesimame kwalimala abangu-12 kweyetekisi

2017-03-17 19:32

Durban - Kushone owesifazane kwalimala abagibeli abangu-12 ngesikhathi kugingqika itekisi emgwaqeni ngaseMariannhill, KwaZulu Natal, ngoLwesithathu ntambama.

Okhulumela abakwa-ER24, uRussel Meiring, uthe ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befika endaweni yengozi bathole itekisi lilele eceleni komgwaqo.

"Abanye abebekuleli tekisi bese bevele bephumile etekisini ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befika. Kuthe uma abosizo lokuqala behlolisisa babona isudumbu sowesifazane budebuduzenetekisi.

"Akukho obekusengenziwa ngaye ngoba ubeseshonile," kusho uMeiring.

OLUNYE UDABA:Amatekisi abuyela emgwaqeni eThekwini

Uthe abanye abangu-12 abebesendaweni okwenzeke kuyona ingozi bahloliwe kwatholakala ukuthi phakathi kwabo kukhona abalimele kabi kanti abanye bebelimele nje okungatheni.

Bonke abalimele belashelwe khona lapho base bephuthunyiswa ezibhedlela ezehlukene.                        

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.