Kushone oyedwa kuphahlazeka indiza e-W Cape

2017-09-28 14:01

Cape Town - Kushone umuntu oyedwa kuphahlazeka indiza enophephela emhlane emagcekeni esikoleni samabanga aphansi, eStrand, ngaphandle kwaseKapa, eWestern Cape, ngoLwesine.

Le ndiza kungenzeka ukuthi iphahlazeke ngemuva kokubhajwa ezintanjeni zikagesi.

UKenny Africa, wamaphoyisa omgwaqo eWestern Cape, uqinisekise kwabezindaba iNews24 ukuthi indiza iphahlazeke emagcekeni esikole eLwandle ngaphambi kwezithuba zabo-12:00 emini.

OLUNYE UDABA:Kuphahlazeke indiza ebithwele abadlali bebhola

Kushone umshayeli wendiza kulesi sehlakalo. Kubonakala sengathi lo mshayeli ubehamba yedwa.

Ngokusho kwaboMkhandlu waseKapa, kuvalwe umgwaqo endaweni yesehlakalo.

Amaphoyisa, abezicishamlilo kanye namaphoyisa omgwaqo aphuthume endaweni yesigameko.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala basendaweni yesigameko.

"Abosizo lokuqala bahlole indoda ebikule ndiza bathola ukuthi ayitshengisi zimpawu zokuphila. Ngeshwa, akukho obekusengenziwa ukuyihlenga yahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko," usho njalo.

Udaba luyaqhubeka.

 - Twitter:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.