Kushone oyedwa kusha imijondolo

2017-07-29 13:01

Cape Town - Kushone umuntu oyedwa kwathi abanye abaningi basala dengwane kulandela umlilo oqubuke emijondolo yaseNomzamo ngaseStrand, eWestern Cape.

Lo mlilo uqubuke phakathi kwamabili eSimon Close, kwacekeleka phansi imijondolo eyisithupha kwathi abantu ababalelwa ku-16 basala bengenamakhaya.

Okhulumela uphiko lwezicishamlilo nezokutakula kuMkhandlu waseKapa, uTheo Layne, uthe: "Kushone umuntu wesilisa ngemuva kokusha kabi, imbangela yomlilo ayaziwa okwamanje."

OLUNYE UDABA: Kushone ingane kusha umjondolo

Kwesinye isigameko, kushone umuntu obehamba ngezinyawo ngemuva kokushayiswa yimoto ngakuBluff Road ngaseJacks Tyres, eThekwini, ngabo-06:00 ngoMgqibelo, kusho abezimo eziphuthumayo.

Abosizo lokuqala bakwaRescue Care bathi bafike endaweni yesigameko bathola owesilisa oseminyakeni eko-30 ubudala elimele kabi ngemuva kokushayiswa yimoto ezama ukuwela umgwaqo, kusho okhulumela iRescue Care, uCeron Lennox.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.