Kushone oyedwa kusha umuzi eNewcastle

2016-07-18 07:38

Durban - Kushone owesilisa kwalimala owesifazane kanzima emlilweni ngesikhathi kusha umuzi endaweni yaseNewcastle, kusho abosizo lokuqala KwaZulu-Natal ngeSonto.

Okhulumela abe-ER24 uWerner Vermaak uthe ngeSonto ntambama abosizo lokuqala nabezicishamlilo baphuthume endaweni yesigameko emzini oseSuryaville.

OLUNYE UDABA: Zisesimeni esibucayi izingane ezidle amaphilisi angaziwa KwaMashu

"Ngesikhathi befika abazange babone lutho olutshengisa ukuthi kusha umuzi kodwa izakhamuzi zabakhombisa," usho njalo.

"Kubonakalile ukuthi bekusha ngaphakathi endlini kodwa umlilo ubusucishwe kudala, Kutholakale indoda esikhulile idindilize phansi ekhishini. Ibingatshengisi ukuthi isaphila kubonakale sengathi ibisinesikhathi ishonile. Abosizo lokuqala bathole owesifazane ekamelweni sinamanxeba okusha emlenzeni. Lesi salukazi besithukile sisezinhlungwini," kusho uVermaak.

UVermaak uthe ngokusho kwalo wesifazane kushe ngoMgqibelo.

"Lezi zithandani zitholwe ngeSonto ebusuku ngesikhathi abangani beyozibheka emzini wazo base bebiza abezimo eziphuthumayo," usho njalo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.