Kushone oyedwa kwalimala 3 isihlahla siwela endlini

2017-01-31 07:21

Cape Town – Kushone umuntu oyedwa kwalimala abathathu ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi isihlahla siwela phezu kwendlu yamapulangwe eKriel, eMpumalanga, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak uthe owesifazane, okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa ko-30 ubudala, ushonile kulesi sigameko.

UVermaak uthe owesifazane utholakale phakathi endlini kanti bekungekho ebebesangakwenza abosizo lokuqala.

Abanye abantu abathathu, ebebephakathi endlini, bathole imihuzuko.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe umfana,10, eF/State

Bangeniswe esibhedlela esiseduzane ukuze bathole ukwelashwa.

Kukholakala ukuthi isihlahla siwiswe umoya onamandla njengoba bekunesiphepho endaweni.

Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.