Kushone oyedwa kwalimala ababili kubhidlizwa imijondolo

2017-06-16 08:37

Durban - Ukudlizwa kwemijondolo yaseDassenhoek ngaseMariannhill Toll Plaza kuphume nomphefumulo owodwa kwalimala kabi abantu ababili.

Ngokubika kwephephandaba i-Highway Mail lithi abahlali bakule ndawo bathi baneminyaka emithathu bahlala lapha futhi yiningi imali abayitshalile kulezi zakhiwo.

Esinye sazakhamuzi zakule ndawo esicele ukuba igama laso ligodlwe sithe kufike onogada bophiko lwe-Land Invasions Unit bafike bashisa imijondolo ngaphandle kokuxoxisana nabahlali.

“Kubuhlungu ukuthi abantu bafa bezama ukuzakhela imizi. Le ndawo isihlale iminyaka inganakiwe, kodwa manje njengoba sekwakhiwe, sekubulawa abantu,” kusho isakhamuzi.

Ilinganiselwa ku-20 imijondolo eshisiwe nebhidliziwe.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athungatha abasolwa ngemuva kokushiswa komtholampilo

Inhlangano yaBahlali baseMjondolo ichaze lesi sehlakalo njengesibuhlungu kakhulu.

“Labo nogada bafike babhidliza imizi yabantu ngaphandle kokuxhumana nabantu. Bathe besuka lapho badedela inhlamvu emphakathini ngesikhathi uzama ukubanqanda,” kusho le nhlangano.

Ikhansela lakuWadi 13 uSifiso Ngcobo uthe lo mhlaba awukho ngaphansi kukamasipala.

“Ngokuzwa kwami labo nogada bebegqoke imifaniswano emnyama kanti onogada bakaMasipala weTheku bagqoka imifaniswano ebomvu,” kusho uNgcobo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.