Kushone oyedwa kwalimala abane egozini e-KZN

2017-02-05 09:00

Johannesburg - Kushone oyedwa kwalimala abane, kubalwa nengane ngesikhathi kuginqika imoto abebehamba ngayo ku-103 Lion Park eMgungundlovu, kusho abosizo lokuqala KwaZulu-Natal ngoMgqibelo.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kwezithuba zabo-16:00, kusho okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak.

UVermaak uthe imoto ibachithe bonke abagibeli ngesikhathi iginqika. Kutholwe indoda eyodwa eceleni kwemoto, yahlonzwa njengoshonile endaweni yeisgameko.

OLUNYE UDABA: Sifahlake saphela isithuthuthu engozini

Kulimale abantu besilisa ababili nowesifazane oyedwa, abatholwe buqamama nemoto.

Abalimele baphuthunyiswe eMediclinic Pietermaritzburg nasesibhedlela iNorthdale beyolashwa.

Ingane okukholakala ukuthi ineminyaka emibili ubudala itholwe amamitha angu-20 buqamama nemoto. Kuthiwa le ngane izwakale ikhala ehlathini ngasendaweni yesigameko.

Le ngane inakekelwe abantu abebebesendaweni yesigameko ngaleso sikhathi.

Imbangela yesigameko ayikaziwa.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.