Kushone oyedwa kwalimala abangu-21 kuginqika ibhasi

2017-01-22 08:29

Mpumalanga – Kushone indoda kwalimala abatu abangu-21 ngesikhathi kuginqika ibhasi ku-R546 kuStandertobn Road ophakathi kwaseStanderton naseSecunda ngoMgqibelo ebusuku.

Abosizo lokuqala be-ER24 kanye nabezinye izimo eziphuthumayo, baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kwezithuba zabo-20:00 bafica ibhasi lilele ngohlangothi  eceleni komgwaqo, kusho okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak.

OLUNYE UDABA: Kushone abane kwalimala-11 kugunqika itekisi

"Inqwaba yabantu itholwe ihlezi ngasebhasini. Khona lapho kutholwe indoda isihonile eceleni kwayo ibhasi.

"Akukho obekungasenziwa ukuyihlenga le ndoda yahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko," usho njalo.

Kusinde abantu abangu-21 kule ngozi.

Ngokusho kwalabo abebekhona ngesikhathi kwenzeka ingozi, kuzwakale ukuthi umshayeli uzame ukudlula imoto ebingaphambi kwakhe ngesikhathi ehluleka ukuyilawula ibhasi waphuma emgwaqeni , kusho uVermaak.

Iziphathimandla zendawo ziyaphenya.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.